Isigaba sokuphoyisa yingxenye yenqubo yokuphoyisa lapho indawo yezinsizakalo zesiteshi samaphoyisa ihlukaniswa ibe yizigatshana ezincanyana, eziphathekayo ezaziwa njengezigatshana. I-SAPS izawumisa i-ofisa eyiphoyisa , eyaziwa njengomphathi wesigaba , esigabeni ngasinye. Imiphakathi kanye nabaphathi bezigaba bazawuba ngabahlanganyeli abenza okuthile ukuqinisekisa ukuphepha kanye nokulondeka endaweni yabo ebazungezile.
Ukuhlanganisa nokuhlela umphakathi esigabeni ukuba wenze okuthile ukulwisa ubugebengu bendawo bebonke.
Ukuba ngumxhumanisi phakathi komphakathi wesigaba kanye nesiteshi samaphoyisa sendawo.
Ukuba abe njenge-ofisa yokuvikela ubugebengu, obuphathelene nokuba nesibopho sazo zonke izinhlelo kanye namaphrojekthi ukubhekana nobugebengu esigabeni.
ukuxoxisana ngezinhlelo zokuzokwenziwa nomphathi wesigaba ukuze kubhekwane nobugebengu esigabeni.
Ukumisa nokubamba iqhaza ezehlakalweni zendawo yomakhelwane ukugcina kuphephile indawo abahlala kuyo.
Ukunikeza ulwazi neziphakamiso zokuvikela ubugebengu esigabeni.
Ukweseka ngomdlandla isigaba sokuphoyisa samavolontiya ezigabeni.
Bamba iqhaza ngokuxhumana nomphathi wakho wesigaba, ukuze wenze indawo yakho yokuhlala iphephe.
Kubizwa osomabhizinisi bendawo, amabandla, izinhlangano zabahlali kanye nabaholi bomphakathi ukubamba iqhaza emizamweni yokubhekana nezimpawu ezifake okuthile ebugebengwini esigabeni sakho.


I-NAFVSA inoHlangothi Lokusiza umphakathi, oluhlinzeka zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi lezo ezibuya emiphakathini ebikhishwe inyumbazana ngaphambilini ngolwazi nezidingo. Ngokwakha ubudlelwano nezinye izikhungo ezenza amafilimu, lo mnyango uzama ukufinyelela kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Inqolobane kazwelonke egcina ulwazi lwamafilimu, amavidiyo, nokulalelwayo okuqoshiwe ibambe iqhaza emikhankasweni eminingana. Izikhungo zemfundo ziyamenywa ukuba zibuke amafilimu bese kuxoxwa nganoma isiphi isihloko ezicabanga ukuthi kunesidingo sokuba sidingidwe. Lokhu kuye kwenziwe ngokuxhumana nothisha nabafundisi. Inhloso enkulu yalolu hlangothi olusiza umphakathi ukuletha "izindawo ezibukisa ngamafilimu kubantu", okuyoba yinzuzo emiphakathini. Lokhu kwenziwa ngokusebenzisana nezinye izinhlaka njengezikole, izimboni ezifanelekile, amabandla, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi jikelele. I-NAFVSA iphokophelela ukufinyelela emiphakathini yasezindaweni zasemakhaya engazi ukuthi le nqolobane eyokwenzani njengalokhu nayo inamalungelo okuthola ulwazi.
I-NAFVSA iqonde ukusebenzisa Izikhungo Zobuciko Zomphakathi, ezakhiwa nguMnyango Wobuciko Namasiko ukugcwalisekisa le njongo. Amahholo asemasontweni, ezikoleni, kanye nasemphakathini nawo azosetshenziswa.
Sikhuthaza umphakathi nanoma ubani omunye onentshisekelo kumagugu nomlando waleli zwe ukuthi asithinte uma befuna ukucela ukusebenzisa izinsizakalo zale nqolobane kazwelonke i-NAFVSA.
I-NAFVSA ibuye ibe nohlangothi olubhekene nokulondolozwa komlando oqoshiwe okuye kuvale amagebe asemlandweni wethu. Kuye kuxoxwe nabantu abanolwazi ngezihloko ezehlukahlukene ngamasiko, ubuciko, umlando, kanye nokwakhiwa kwesizwe.
Ukuqoqwa, ukulondolozwa kanye nokusatshalaliswa komculo womdabu kugqugquzelwa ngohlelo lwethu sihambe Ngombukiso Wezinto Zokudlala Umculo Wendabuko Ezihambayo.
Ukuqoqa okuqoshiwe okulalelwayo nokubukwayo (komphakathi nokungesikho okomphakathi) nokunye okuhambisana nakho okwenziwe kumbe okumayelana neNingizimu Afrika.
Ukwenza ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zifinyelele kula marekhodi nokugqugquzela ukuba asetshenziswe yibo bonke.
Ukugqugquzela ubambiswano phakathi kwezikhungo ezigcina la marekhodi.
I-NAFVSA inegumbi lokufundela lapho abacwaningi bengathola usizo lwayo yonke inhlobo lapho bethungatha ulwazi, kanjalo banokusebenzisa ulwazi olugcinwe emakhompyutheni mahhala. Ukubuka nokulalela okushicilelwe, kufanele kuhlelwe kuseyisikhathi. Kudingeka usazise isikhungo kusasele izinsuku ezintathu ukuze kulungiswe lokhu ofuna ukukusebenzisa kufakwe nasemishinini yakhona efanelekile. Le mpahla ingasetshenziselwa kuphela emagcekeni e-NAFVSA kukhokhwe imali enqunywe Umnyango Wezezimali. Izitshudeni ezifundayo nabafundi ziyisebenzisa mahhala le mpahla kodwa nazo kudingeka zenze amalungiselelo okulalela nokubuka kusenesikhathi. Kudingeka kutholakale imvume ebhaliwe yabasunguli uma umuntu efuna ukwenzelwa amakhophi ento ethize.
Umtapo onezincwadi ezevile ezi-3000 eziphathelene nemboni kaqedisizungu, waqala kudala ngezikhathi zeBhodi Kazwelonke Yamafilimu kanti okungaphathi akubolekisi nhlobo kusetshenziselwa khona ngenxa yokuba yigugu kwemiqingo ekuwo. Kodwa-ke, zonke izincwadi ezisekumtapo zingabhekelwa khona emagcekeni eNqolobane Kazwelonke Yamagugu, kanti kungagaywa amakhophi ngentengo ephansi.
I-NAFVSA ineqoqo lamaphosta amafilimi angejwayelekile angalinganiselwa enkulungwanweni, asukela ngezikhathi ze-De Voortrekkers , okuyifilimu endala kunawo onke aseNingizimu Afrika. Iningi lala maphosta awavamile ngempela futhi aphathelene nayo yonke inhlobo yefilimu kwawasezweni lakithi. Inhloso yenqolobane ngala maphosta ukuba aqoshwe ngobuchwepheshe agcinwe eqoqweni lapho engasetshenziswa ngaphandle kokuthathwa.
Njengeqoqo lamaphosta, iNqolobane ineqoqo lezithombe eziphathelene namafilimu akuleli. Izithombe cishe zawo onke amafilimu akhiqizwa kuleli kusukela ngo-1916 angatholakala lapha.
I-NAFVSA ineqoqo lamaskripthi amafilimu elicishe libe yinani le-1200 amafilimu akhiwe kuleli. Iningi lala maskripthi awesigaba sokuhlelwa kwefilimu ngakho-ke ehluke kakhulu kumkhiqizo osuphothuliwe nosulungele ukubukelwa.
I-NAFVSA ibuye ibe ngumgcini wamarekhodi asephepheni, okuyimibhalo, iziqephu zezindaba ezisikiwe emaphephandabeni, izithombe, izinhlelo kanye neziqeshana zokwazisa ezimayelana nezindawo zemibukiso yemidlalo, umculo, imibhalo kanye nobuciko bezandla. Iningi lempahla ekulo mkhakha yaqala ngeminikelo eyayilethwa abantu kanye nezikhungo zangasese ezabe zinentshisekelo kwezobuciko bezandla.
I-NAFVSA ungowokwahluka ngenxa yokuthi ungenye yezinqolobane ezimbalwa emhlabeni wonke zalolu hlobo ezigcina amafilimu, amavidiyo, kanye nokuqoshiwe okungalalelwa ngaphansi kophahla olulodwa. Ukufinyelela kulwazi lwalolu hlobo olungandile olwethula umlando wezwe lakithi eNingizimu Afrika ngezithombe sekube wusizo futhi kusazoqhubeka kube usizo olukhulu ezizukulwaneni zabaseNingizimu Afrika. Bangalela babuye babuke kalula okwenzeka esikhathini esingaphambili futhi lokho kungababeka esimweni sokuqagela ukuthi imboni yezamafilimu namatheyiphu izoba njani esikhathini esizayo.
Ngenxa yezinguquko ezisheshayo zobuchwepheshe, imishini eyayisetshenziswa eminyakeni engama-20 eyedlule, isiphelelwe yisikhathi manje, kodwa isingasetshenziselwa ukuhlinzeka ulwazi lomlando, kanye nokukhombisa intuthuko nezinguquko embonini yezamafilimu, amavidiyo abukwayo namatheyiphu angalalelwa.
